Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Hoseya 12:12 - IsiZulu 2020

12 UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi, walusa umhlambi ngenxa yomfazi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Hoseya 12:12
9 Iomraidhean Croise  

Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,


Ngikhululele nomkami nabantwana bami engibasebenzeleyo ngihambe, ngokuba uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani.”


ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo, limabhadubhadu yigazi.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan