Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Hoseya 10:14 - IsiZulu 2020

14 Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho kuyakuvuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zonke izinqaba zakho ziphangwe, njengalokho uSalmani aphanga iBeti Aribeli ngosuku lwempi; unina uchotshoziwe phezu kwabantwana bakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Hoseya 10:14
21 Iomraidhean Croise  

ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”


Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane okuqala asevuthiwe; uma inyakaziswa awela emlonyeni wodlayo.


Nalo laya ekuthunjweni. Ekuthunjweni izingane zalo zaphahlazwa ezinhlanganweni zemigwaqo; benza unkatho ngezikhulu zalo, bonke abaholi balo baboshwa ngamaketango.


INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Imizi iyakudliwa, nezinqaba zithathwe. Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngabe abanye onkulunkulu bezinye izizwe bake bawasindisa nokuwasindisa yini amazwe abo esandleni senkosi yase-Asiriya na?


Bayishiya yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza nezigxobo zika-Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBhali.


Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Kuyokwenziwa kanjalo nakuwe Bhethele, ngenxa yokonakala okukhulu; inkosi yakwa-Israyeli iyobhujiswa iphele nya entathakusa.”


“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.


Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan