Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Esteri 8:16 - IsiZulu 2020

16 KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

16 AmaJuda athola ukukhanya, intokozo lenjabulo lodumo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Esteri 8:16
14 Iomraidhean Croise  

“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo.


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.


USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.


Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan