Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Esteri 7:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Esteri 7:4
18 Iomraidhean Croise  

Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”


Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sibhujiswe, mina ngizokhokha amathalenta ayizi-10 000 esiliva kulabo abenza umsebenzi wenkosi, ukuze afakwe engcebeni yenkosi.”


Inkosi u-Ahasheveroshi yabuza indlovukazi u-Esteri, yathi: “Ngubani lowo? Uphi lowo muntu onesibindi sokwenza into enjengalena na?”


U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,


Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Phezu kwazo wabeka omengameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingasweli lutho.


nathengisa ngabantu bakwaJuda nabaseJerusalema kubantu bamaGriki kude le, ukuze nibasuse ezweni labo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,


USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”


Ngakho-ke niqalekisiwe, abanye benu bayohlala beyizigqila, abathezi bezinkuni nabakhela indlu kaNkulunkulu wami amanzi.”


Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami nokwakho uyakufuna, kodwa uzovikeleka lapha kimi.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan