Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Esteri 5:2 - IsiZulu 2020

2 Ithe ukuba inkosi ibone indlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yaba nomusa kuyo. Yayikhomba ngentonga yegolide eyayiyiphethe ngesandla. U-Esteri waya kuyo, wathinta isihloko sentonga yobukhosi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho inkosi ibona u-Esteri indlovukazi emi egcekeni, wazuza umusa emehlweni ayo; inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide eyayisesandleni sayo. Khona-ke u-Esteri wasondela wathinta isihloko sentonga yobukhosi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Esteri 5:2
9 Iomraidhean Croise  

Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.


“Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”


Inkosi yamkhomba ngentonga yayo yegolide u-Esteri, wayesesukuma ema phambi kwayo,


Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan