Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




EkaJuda 1:23 - IsiZulu 2020

23 Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nibasindise ngokubahlwitha emlilweni, kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Abanye nibasindise ngokwesaba nibakhipha emlilweni; bazonda ngisho nesambatho esingcoliswe yinyama.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Abanye nibasindise ngokwesaba nibakhipha emlilweni; bazonda ngisho nesambatho esingcoliswe yinyama.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




EkaJuda 1:23
21 Iomraidhean Croise  

idlula emgwaqweni eduze negumbi lakhe, ibheke ngasendlini yakhe;


Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.


Babephuphutheka, bezulazula emigwaqweni, bengcoliswe yigazi ngangokuthi akekho owayengathinta izingubo zabo.


Oyolala kuleyo ndlu noyodlela kuyo makahlanze izingubo zakhe.


Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolileyo kuze kuhlwe.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


uma nje kungenzeka ukuba ngivuse isikhwele kulabo abangabesizwe sakithi, ngisindise abanye babo.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.


Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.


Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni,


Ziqaphele wena nemfundiso, uphikelele kukho, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nalabo abakuzwayo.


Ngokuba ombingelelayo uyobe uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.


Nibahawukele abanye abangabazayo.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan