Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 83:13 - IsiZulu 2020

13 Nkulunkulu wami, benze bafane nothuli lwesikhwishikazana, bafane namakhoba emoyeni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo, njengamakhoba amuka nomoya.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nkulunkulu wami, zenze zibe njengesondo; njengamabibi phambi komoya.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 83:13
15 Iomraidhean Croise  

Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo, uxoshe inkunkuma eyomileyo na?


Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.


Mababe njengamakhoba epheshulwa ngumoya; ingelosi kaSimakade ibadudule.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Bathi besanda kutshalwa nje, beqeda nje ukuhlwanyelwa, nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini, wabaphephetha, babuna, isivunguvungu sabasusa njengamabibi.


“Ngubani okuvusile ukulunga ukuba kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, anyathele amakhosi, awenze abe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi epheshulwa ngumnsalo wakhe na?


“Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.


“ ‘ “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho,


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan