Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 78:6 - IsiZulu 2020

6 ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuze isizukulwane esizayo sizazi, yebo, nabantwana abazozalwa; okufanele basukume bamemezele lokhu kubantwana babo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 78:6
11 Iomraidhean Croise  

Lokhu makulotshelwe isizukulwane, ukuze abantu abangakazalwa bamdumise uSimakade.


Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu bakutshele abantwana babo, nabantwana babo bakutshele esinye isizukulwane.


Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho, kubantwana bazo.


Bayokuza bamemezele ngokulunga kwayo kubantu abasazozalwa, babatshele ukuthi lokho kwenziwa yiyo.


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


Qaphelani izindonga zalo, nidabule ezigodlweni zalo, ukuze nilandise ngalo isizukulwane esisazozalwa,


Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.


lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan