Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 7:8 - IsiZulu 2020

8 Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami nangobuqotho bami.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova uyakwahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, njengokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 7:8
23 Iomraidhean Croise  

Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Sengathi uNkulunkulu ka-Abhrahama noNahori, uNkulunkulu woyise, angehlulela phakathi kwethu.” UJakobe wenza isifungo ngoKwesaba kuka-Isaka, uyise.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi.


Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.


Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.


Wabelusa ngenhliziyo eqotho. Wabahola ngesandla esinekhono.


UNkulunkulu umi emhlanganweni wonkulunkulu; uyehlulela phakathi konkulunkulu.


Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga, ehlulele izizwe ngobuqotho.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.


ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan