Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 7:5 - IsiZulu 2020

5 isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Isitha masixoshe umphefumulo wami, siwuthathe; yebo, makanyathele ukuphila kwami emhlabeni, abeke udumo lwami othulini. Sela.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 7:5
17 Iomraidhean Croise  

“Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami; ngabeka amandla ami othulini.


Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.” Sela


Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo.


Kepha umuntu, nakuba enodumo, akayukuhlala angafi, ufana nezilwane ezibhubhayo.


Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela


Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.


Ngakho-ke bheka, ngiyazi, ngiqinisekile ukuthi uyakuba yinkosi, nokuthi umbuso ka-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan