Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 7:2 - IsiZulu 2020

2 funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuze angadwenguli umphefumulo wami njengengonyama, awuklebhule, kungekho osindisayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 7:2
18 Iomraidhean Croise  

Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso.


Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.


Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso.


Ufana nebhubesi elilambile, nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.


Zingikhamisele imilomo yazo njengebhubesi elibhodlayo nelidwengulayo.


Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.


Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Ngikhulule kwabenza okubi, ungisindise kubantu abomele igazi.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni; uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku, uyayiqeda impilo yami.


“NgoGadi wathi: ‘Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyama, udwengula ingalo nomqhele okhakhayini.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


Kwakungekho owayengabakhulula ngokuba babekude neSidoni, futhi bengazihlanganisile nabanye abantu. Umuzi wawusesigodini iBhethi Rehobhi. Bawakha kabusha lowo muzi, bahlala kuwo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan