Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 7:10 - IsiZulu 2020

10 Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isivikelo sami sikuNkulunkulu, osindisa abaqotho ngenhliziyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 7:10
15 Iomraidhean Croise  

Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, kube yilowo nalowo umuphe ngokwezindlela zakhe zonke. Nguwe owazi inhliziyo yakhe ngokuba nguwe kuphela owazi izinhliziyo zabantwana babantu.


uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.


Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo,


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade, inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.


Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade, kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa bayintokozo kuye.


ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abamsulwa basale kulo.


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Simakade Wamabandla, mehluleli olungileyo, ovivinya ingqondo nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke kuwe.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan