Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 5:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 5:9
25 Iomraidhean Croise  

Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami.


Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni, uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.


Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliphethile icebo elisongoziweyo;” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.


Wena uyakwazi ukwethukwa kwami, nehlazo lami, nokudunyazwa kwami. Zonke izitha zami ziphambi kwakho.


Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala.


“Maye, kini, ngokuba nifana namathuna angasabonakali, asebehamba phezu kwawo, bengawaboni!”


Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;


Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan