Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 49:10 - IsiZulu 2020

10 Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 49:10
21 Iomraidhean Croise  

“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


“Impela ngiyisiwula kunabanye abantu; anginakho ukuqonda komuntu.


Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?


ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.


Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho, umcebo wakhe awuyukwehla naye.


Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi, kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na?


Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan