Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 139:19 - IsiZulu 2020

19 Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Impela uyakubulala ababi, Nkulunkulu;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 139:19
12 Iomraidhean Croise  

Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.


Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Abampofu abasoze balibaleka; ithemba labathobekileyo nabahluphekileyo, aliyukunyamalala phakade.


Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.


Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan