Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 11:4 - IsiZulu 2020

4 USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 11:4
28 Iomraidhean Croise  

ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kodwa bengisemathendeni ngamathende, nasemathabanakelini.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Ngubani onjengoSimakade uNkulunkulu wethu, ohleli phezulu,


Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami,


USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.


USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni, ababone bonke abantu.


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.


Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni; memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Yizwani nonke bantu, ulalele mhlaba nakho konke okukuwe, iNkosi uSimakade izofakaza imelene nani, iNkosi ivela ethempelini layo elingcwele.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Ofunga ithempeli, ufunga lona nohleli kulo.


Kepha Mina ngithi kini: ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,


“ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; luhlobo luni lwendlu oyakungakhela lona’, kusho iNkosi. ‘Iyiphi indawo yami yokuphumula na?


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Masinyane ngaba kuMoya. Kwase kumiswa isihlalo sobukhosi ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwaso;


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan