Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 109:13 - IsiZulu 2020

13 Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Inzalo yakhe mayinqunywe; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Inzalo yakhe mayinqunywe; igama labo malisulwe esizukulwaneni esilandelayo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 109:13
17 Iomraidhean Croise  

Kwathi nje ukuba abe yinkosi, lapho ethatha isihlalo sobukhosi, wabulala bonke abendlu kaBhahasha. Akazange ashiye namunye owesilisa womndeni wakhe, noma isihlobo sakhe, noma umngani wakhe.


Nokho awazange athathe mpango.


Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.


Asiyukuba nabantwana noma abazukulu phakathi kwabakubo, noyosinda lapho sasihlala khona.


Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu.


Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”


Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”


Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ngiyeke ukuze ngibabhubhise, ngilesule lishabalale igama labo phansi kwezulu, ngiyokwenza wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan