Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 10:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka; mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Omubi ngokuzigqaja kwakhe uyazingela ompofu; mababanjwe ngamasu abawaqambile.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 10:2
18 Iomraidhean Croise  

Kungoba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kodwa ezingela umuntu owentulayo, ompofu nodabukileyo enhliziyweni, ukuba ababulale.


Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele.


Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho;


Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.


Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.


Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Unyawo lozidlayo lungifihlize, noma isandla somubi singixoshe.


Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Ububi bubuyela ekhanda lakhe, ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


“Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,


u-Azariya indodana kaHoshayiya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abazigqajayo, bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga. USimakade uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba, uthi: ‘Ningahambi niyogogobala eGibhithe,’


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan