Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AbAhluleli 8:1 - IsiZulu 2020

1 Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” Bamkhankatha kakhulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Usikhonzeleni, ungasibizanga ekulweni kwakho nabakwaMidiyani na? Base bexabana kakhulu naye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AbAhluleli 8:1
9 Iomraidhean Croise  

Bheka, kwase kuza bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi kuyo: “Kungani abafowethu bakwaJuda beyebile inkosi, bayiweza iJordani nabo bonke abendlu yayo, nabo bonke abantu bakaDavide ababenayo na?”


Wonke amadoda akwaJuda abaphendula abantu bakwa-Israyeli, athi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu segazi kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sidleni engeyenkosi? Kukhona yini esixoshise ngakho?”


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na?


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan