Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AbAhluleli 5:11 - IsiZulu 2020

11 Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AbAhluleli 5:11
19 Iomraidhean Croise  

Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Manje-ke yimani ukuze siphendulane phambi kukaSimakade ngezenzo zonke ezilungileyo uSimakade azenza kini nakokhokho benu.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Uma sifuna ukuthola ukudla, sibeka impilo yethu engcupheni yokudliwa yinkemba ogwadule.


Amanzi ethu siwaphuza ngemali, izinkuni zethu sesizithola ngokuzithenga.


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


Uyoba ngumoya wobulungiswa kumehluleli, namandla kwabavimba impi esangweni.


Niyokukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.


“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,


bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.


Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.


Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo.


Wazikhethela isabelo sekhethelo, ngokuba sasigodlwe lapho isabelo somehluleli; wahamba nabaholi babantu, wafeza ubulungiswa bukaSimakade nezehlulelo zakhe ngo-Israyeli.’


yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.


Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan