Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AbAhluleli 14:4 - IsiZulu 2020

4 Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa uyise nonina babengazi ukuthi kwakuvela kuJehova ukuthi wayefuna ithuba lokumelana namaFilisti, ngoba ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AbAhluleli 14:4
14 Iomraidhean Croise  

Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Ukubhubha kuka-Ahaziya kwakuvela kuNkulunkulu, ngokuya kukaJoramu, eyombona. Ngesikhathi efika lapho waphuma noJehoramu ukuyobona uJehu, indodana kaNimishi, owayegcotshwe nguSimakade ukuba ashabalalise indlu ka-Ahabi.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


Inkosi ayibalalelanga abantu ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze kufezeke izwi uSimakade alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


Kepha u-Amaziya akalalelanga, ngokuba lokho kwakuhloswe nguNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefune onkulunkulu bakwa-Edomi.


Kwase kwehla amadoda akwaJuda ayizi-3 000 aya emfantwini wedwala e-Ethamu, athi kuSamsoni: “Awazi yini ukuthi amaFilisti angababusi bethu, na? Pho yini lena oyenzile kithi, na?” Waphendula wathi: “Ngenze kubo njengalokhu benzile kimi.”


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla.


Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye.


USamsoni wathi kubo: “Ngalesi sikhathi, uma ngenza okubi kumaFilisti, angizukuba nacala.”


‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan