Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 7:6 - IsiZulu 2020

6 Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Angihlalanga endlini kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngahamba etendeni nasetabernakele.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 7:6
15 Iomraidhean Croise  

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.”


‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


“Okhokho bethu babenethende lobufakazi ehlane njengalokhu kwakuyale uNkulunkulu ngoMose ukuba alenze ngomfanekiso ayemkhobise wona.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:


Abakwa-Israyeli babuza kuSimakade ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan