Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 6:16 - IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 6:16
12 Iomraidhean Croise  

UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”


UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.


UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.


Sihawukele, Simakade, sihawukele, ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.


Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.”


Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan