Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 4:9 - IsiZulu 2020

9 UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke!

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 4:9
14 Iomraidhean Croise  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.


Inkosi yafunga yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ohlenge umphefumulo wami kukho konke ukuhlupheka kwami,


okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele,


Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.


Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha,


USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.


Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.


Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile.


Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan