Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 20:7 - IsiZulu 2020

7 Walandelwa ngamadoda kaJowabe, amaKherethi, amaPhelethi nawo wonke amaqhawe. Baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba, indodana kaBhikhiri.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Amadoda kaJowabe aphuma amlandela, namaKreti, namaPheleti, nawo onke amaqhawe, aphuma eJerusalema ukuxosha uSheba indodana kaBigi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 20:7
9 Iomraidhean Croise  

Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane;


uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.


Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu nigibelise uSolomoni, indodana yami, umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni.


UZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi behla, bamgibelisa uSolomoni emnyuzini wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


Inkosi ithumele noZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi, bamgibelisa emnyuzini wenkosi.


Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan