Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 20:23 - IsiZulu 2020

23 UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJowabe wayephezu kwebutho lonke lakwa-Israyeli, uBhenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKreti namaPleti.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 20:23
10 Iomraidhean Croise  

Walandelwa ngamadoda kaJowabe, amaKherethi, amaPhelethi nawo wonke amaqhawe. Baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba, indodana kaBhikhiri.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.


UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.


Abantu ababemlandela, bemsiza futhi ecebisana nabo u-Adoniya, kwakunguJowabe, indodana kaZeruya no-Abhiyathara, umphristi.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke.


Ngonyaka wesikhombisa, uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKharithe nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaSimakade. Wenza isivumelwano nazo, wazifungisa zisendlini kaSimakade, wayesezibonisa indodana yenkosi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan