Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 20:16 - IsiZulu 2020

16 Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo emzini, wathi: “Lalelani! Lalelani! Yishoni kuJowabe nithi: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini, wathi: “Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwasekumemeza owesifazana ohlakaniphileyo esemzini esithi: Zwanini, zwanini! nithi kuJowabe: “Sondela lapha ukuba ngikhulume nawe.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 20:16
7 Iomraidhean Croise  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


Wasondela kuye; wayesethi owesifazane kuye: “UnguJowabe wena?” Waphendula wathi: “Nginguye.” Owesifazane wayesethi: “Ake ulalele amazwi encekukazi yakho.” Wayesethi: “Ngilalele.”


Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.


Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyokhi, induna yemilindankosi, owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBhabhele;


Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan