Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 2:9 - IsiZulu 2020

9 wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 2:9
19 Iomraidhean Croise  

ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.


U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide.


Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule.


Kwabozalo lukaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, kwakuyizi-3 000, ngokuba kuze kube namuhla iningi labo lisathembekile endlini kaSawule.


Kwabozalo kuka-Efrayimi kwakuyizi-20 800, amaqhawe anamandla, amadoda ayenegama ezindlini zokhokho bawo.


Ngowami uGileyadi, ngowami uManase, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


Abozalo luka-Asheri, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


Indawo yabozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yabo yama kanje: umngcele wesabelo sabo ngasempumalanga kwakuyi-Atharothi Adari kuze kuyofika enhla neBhethi Horoni,


Ukusuka eThaphuwa umngcele wawubheka ngasentshonalanga uze ufinyelele esigodini iKhana ugcine olwandle. Sasimi kanjalo-ke isabelo sesizwana sozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yaso,


nemizi eyehlukaniselwa abozalo luka-Efrayimi esabelweni sabozalo lukaManase, yonke leyo mizi nemizana yayo.


Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.


Benza unkatho ngesizwana sabozalo lukaBhenjamini nemindeni yaso; banikezwa indawo eyayiphakathi kwabozalo lukaJuda nabolukaJosefa.


IJordani ingumngcele ongasempumalanga. Lesi yisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo. Uzungeza kusukela emngceleni kuya komunye.


Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


kodwa abakwa-Asheri bahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe, ngokuba abawaxoshanga.


AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan