Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 1:22 - IsiZulu 2020

22 Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha, nenkemba kaSawule yadla abaningi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Egazini lababuleweyo, emanoni amaqhawe, umnsalo kaJonathani awubuyanga, nenkemba kaSawule ayibuyanga ilambatha.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 1:22
7 Iomraidhean Croise  

Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.


“Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi.


UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan