Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 3:2 - IsiZulu 2020

2 Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe – amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona –

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe, namehlo akhe eqala ukuqundeka ukuba angaboni;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 3:2
8 Iomraidhean Croise  

Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”


Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona.


UJakobe akavumanga, kodwa wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uzokuba yisizwe, abe mkhulu. Nokho umnawakhe u-Efrayimi uzokuba mkhulu kunaye, izizukulwane zakhe zibe yizizwe eziningi.”


UmkaJerobhowamu wenza kanjalo. Wasuka waya eShilo, waze wayofika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya akabonanga ngoba amehlo akhe ayesefiphazekile, engasabonisisi kahle, ngokuba wayesemdala.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza,


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.


U-Eli wayeseneminyaka engama-98, amehlo akhe esenqundekile, engasaboni kahle.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan