Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 28:9 - IsiZulu 2020

9 Owesifazane wathi: “Uyabona-ke, wazi kahle ukuthi uSawule wenzeni, ubabhubhisile ezweni abanamadlozi nabathakathi; manje kungani ungibekela ugibe ukuze ungibulale na?”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Owesifazana wasesithi kuye: Khangela, uyakwazi wena akwenzayo uSawuli, ukuthi waqeda imimoya yabafileyo labathakathi elizweni; ngalokho ubeke ugibe ukuze umphefumulo wami ufe na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 28:9
5 Iomraidhean Croise  

Nokho-ke, ukuba ngenze ukungethembeki, ngambulala, inkosi ibizozwa ngalokho, njengoba kungekho nto inkosi eyifihlelwayo; nawe uqobo ubuyomelana nami.”


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


USawule wafunga wagomela kowesifazane, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, awuyukwethweswa cala ngalokho.”


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan