Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 26:5 - IsiZulu 2020

5 UDavide wasuka, waya lapho kwakukanise khona uSawule; wayibona indawo lapho uSawule ayehleli khona no-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuziwempi yakhe. USawule wayelele enkanjini, abantu bemngunge nxazonke.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavide wayesesuka, waya endaweni uSawule ekanise kuyo; uDavide wayibona indawo lapho uSawule elele khona no-Abineri indodana kaNeri, induna yempi; uSawule wayelele emgodini, abantu bamisa nxazonke zakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 26:5
10 Iomraidhean Croise  

U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba, no-Eshi Bhali.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.”


UDavide wathumela izinhloli, ukuze aqinisekise ukuthi nguSawule zinqotho ofikile.


Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan