Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 20:2 - IsiZulu 2020

2 Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; aniyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane, makwazeke kimi; ubaba ungifihleleni le nto na? Akunjalo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 20:2
14 Iomraidhean Croise  

Ayesethi kuyo: “Kungani inkosi yami ikhulume amazwi anjengalawa na? Zingayenza kanjani izinceku zakho into efana naleyo na?


Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.


INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.” Kuthe bekuzwa lokho bathi: “Qha, makungenzeki kanjalo.”


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.


Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.


“Makube kude nathi ukuhlubuka uSimakade sichezuke namuhla ekulandeleni uSimakade ngokwakha i-althare lomnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu noma umhlatshelo, kunalelo althare likaSimakade uNkulunkulu wethu eliphambi kwethabanakeli lakhe.”


Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukushiya uSimakade sikhonze abanye onkulunkulu,


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo wazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthe: ‘UJonathani makangazi ngalokhu, funa abe nosizi.’ Kepha ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, sinye vo isinyathelo phakathi kwami nokufa.”


USimakade wayemambulele ngayizolo uSamuweli, engakafiki uSawule, wathi:


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan