Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 19:11 - IsiZulu 2020

11 USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

11 USawule wayesethuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela lokho, wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 19:11
5 Iomraidhean Croise  

Wathi: “Kulungile, ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa kunento eyodwa nje engiyifuna kuwe: ukuba ungalokothi uvele phambi kwami uma ungalethi uMikhali, indodakazi kaSawule, ngesikhathi uzongibona.”


AbaseGaza batshelwa ukuthi: “USamsoni ufikile lapha.” Bayizungeza indawo, bamlalela unyendle ubusuku bonke, esangweni lomuzi. Bathula ubusuku bonke, bethi: “Masilinde kuze kube nokukhanya kokusa, bese siyambulala.”


USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha.


Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan