Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 8:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

16 Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 8:16
6 Iomraidhean Croise  

Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.


Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;


Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.


Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova.


Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni umpristi ukuba simkhonze.


AmaLevi uyakuwanika u-Aroni namadodana akhe; baphiwa kuye besuka phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan