11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
11 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
Niyakwazi ukuthi nginithumele lo myalo, ukuze isivumelwano sami sibe noLevi,” usho uJehova Sebawoti.
Kumelwe umise u-Aroni namadodana akhe, futhi kumelwe balinde esikhundleni sabo sobupristi; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;