Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 22:38 - Contemporary Zulu Bible 2024

38 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

38 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 22:38
16 Iomraidhean Croise  

Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uJehova akusho kimi, ngiyakukhuluma.”


Inkosi yasisithi kuye: Ngizakufungisa kangaki ukuthi ungangitsheli okunye ngaphandle kweqiniso ebizweni le Nkosi?


Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”


UJehova uyachitha icebo lezizwe; Uchitha amacebo abantu.


Impela, ulaka lomuntu luyakudumisa;


Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.


echitha izibonakaliso zabaqamba amanga, ehlanyisa abahlola imihlola; ababuyisela emuva abahlakaniphileyo, benze ulwazi lwabo lube buthutha;


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Manje sukuma kanye nemilingo yakho nobuningi bobuthakathi bakho oye wakhathala ngabo kwasebusheni bakho; uma kunjalo, uzokwazi ukuzuza, uma kunjalo, unganqoba.


UBileyamu waphendula, wathi ezincekwini zikaBalaki: “Uma uBalaki efuna ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa izwi likaJehova uNkulunkulu wami ngenze okuncane noma okukhulu.


UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukuba ngikubize na? kungani ungezanga kimi ngingakwazi yini ukuKuphakamisela enkazimulweni ngokweqiniso?


UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati-Husoti.


Wathi kubo: “Hlalani lapha namuhla ebusuku, ngizakunibikela izwi, njengalokho uJehova eyakukhuluma kimi; izikhulu zakwaMowabi zahlala kuBileyamu.


UJehova wahlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanjalo;


Kodwa uBileyamu waphendula wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ngokuthi: Konke uJehova akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


Uma uBalaki ebethanda ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa umyalo kaJehova ukuba ngenze okuhle noma okubi engqondweni yami; kepha lokho uJehova akushoyo, ngiyakukhuluma khona na?


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan