Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 22:36 - Contemporary Zulu Bible 2024

36 UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

36 UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 22:36
14 Iomraidhean Croise  

Inkosi yaseSodoma yaphuma ukumhlangabeza ngemva kokuba isibuyile ekubulaleni uKedorlawomere namakhosi ayenaye, esigodini saseShebe, esiyisigodi samakhosi.


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


UJosefa walungisa inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni, wammisa phambi kwakhe; wawela entanyeni yakhe wakhala isikhathi eside entanyeni yakhe.


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.


Ngokuba njengenyoni ezulazulayo elahliwe esidlekeni, ayakuba njalo amadodakazi akwaMowabi ngasemifuleni yase-Arinoni.


UMowabi unamahloni; ngoba libhidliziwe: lilani lilile; Kutsheleni e-Arinoni ukuthi uMowabi uphangiwe,


Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki.


UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukuba ngikubize na? kungani ungezanga kimi ngingakwazi yini ukuKuphakamisela enkazimulweni ngokweqiniso?


Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.


Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.


Ngaleso sikhathi salithatha esandleni samakhosi amabili ama-Amori izwe elingaphesheya kweJordani, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kube seNtabeni iHermoni;


Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


Kwathi nje lapho eqeda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukumbingelela.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan