25 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
25 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
Kepha okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abakulethayo kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngakunika amaLevi njengefa; ngalokho ngathi kubo: “Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.
Yisho kumaLevi, uthi kuwo: ‘Uma nithatha kubantwana bakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kubo njengefa lenu, niyakuletha kukho umnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.