UNumeri 1:50 - Contemporary Zulu Bible 202450 Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE50 kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe. Faic an caibideilIsiZulu 202050 Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze. Faic an caibideil |
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele.