UNehemiya 3:1 - Contemporary Zulu Bible 20241 Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli. Faic an caibideilIsiZulu 20201 Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli. Faic an caibideil |
Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.