Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UmShumayeli 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

11 Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UmShumayeli 2:11
13 Iomraidhean Croise  

UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Khumbulani ukuthi isikhathi sami singakanani; kungani nenze abantu bonke kwaba yize na?


UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.


Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula;


Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?


Usizani osebenzayo ngalokho akukhandlekayo?


Othanda isiliva akayikusutha ngemali; nothanda inala akanenzuzo; nalokhu kuyize.


Futhi futhi kungububi obukhulu, ukuthi uzohamba ngazo zonke izindlela njengoba eze; unanzuzoni yena owashikashikela umoya na?


Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bayakukhandleka emlilweni, abantu bazikhathaze kube yize, na?


Kodwa ukumesaba uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan