UJobe 2:11 - Contemporary Zulu Bible 202411 Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE11 Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze. Faic an caibideilIsiZulu 202011 Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama. Faic an caibideil |