Mathewu 11:23 - Contemporary Zulu Bible 202423 Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE23 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla. Faic an caibideilIsiZulu 202023 Nawe Khaphernawume, uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi, ngokuba, ukuba imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe yayenziwe eSodoma, ngabe lisekhona nanamuhla. Faic an caibideilBaasraak Zulu New Testament Bible23 Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla. Faic an caibideil |
Ukuze kungabikho nesisodwa esihlahleni esisemanzini esiziphakamisayo, singaphumi isihloko saso phakathi kwamagatsha aminyene, nemithi yaso ingemi ekuphakameni kwayo, yonke ephuza amanzi; ngokuba bonke banikelwe ekufeni, ezindaweni eziphansi zomhlaba, phakathi kwabantwana babantu, kanye nabehlela egodini.