Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Mathewu 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo, ngesikhathi sokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

11 uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo, ngesikhathi sokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Mathewu 1:11
17 Iomraidhean Croise  

UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya, waseLibina.


Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nabo bonke abathengisi, nabakhandi bensimbi; akwasala muntu, kuphela abantu bezwe abampofu kakhulu.


Bonke abanye abantu ababesele emzini kanye nababaleki ababehlubuke enkosini yaseBhabhiloni kanye nensali yesixuku uNebusaradani induna yabalindi wabathumba.


Lapho umnyaka usuphelile, inkosi uNebukadinesari yathumela yamyisa eBhabhiloni kanye nezitsha ezinhle zendlu kaJehova, yabeka umfowabo uZedekiya inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Abaphunyukileyo enkembeni yabathumba, yabayisa eBabele; lapho babeyizinceku zakhe nezamadodana akhe kwaze kwaba sembusweni wombuso wasePheresiya.


Isiprofetho ngeBabele asibona u-Isaya, indodana ka-Amose.


angawuthathanga uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ekuthumbeni kwakhe uJekoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBabele, nazo zonke izikhulu zakwaJuda naseJerusalema;


UNebuzaradani induna yabalindi wathumba insali yabantu ababesele emzini, nabaseleyo, wabayisa eBabele, nabanye abantu ababesele.


UJehova wanikela uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, esandleni sakhe kanye nengxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu aziletha ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe; wazingenisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Emva kokuthunjelwa eBabele, uJekoniya wazala uSalatiyeli; uSalatiyeli wazala uZorubhabheli;


Zonke izizukulwane ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide kuze kube sekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; futhi kusukela ekuthunjelweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan