Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IzEnzo 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

22 Kepha uSawula wadlondlobala ngamandla; bashaqeka abaJuda ababehlala eDamaseku, eqinisa ukuthi lowo unguKhristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IzEnzo 9:22
21 Iomraidhean Croise  

Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Ngizafundisa abaphambukayo izindlela zakho; futhi izoni zizophendukela kuwe.


Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu.


Unika okhatheleyo amandla; nakulabo abangenawo amandla, uyabandisa amandla.


Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.


Evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu.


Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kepha bonke abamuzwayo bamangala, bathi; Lo akusiye yini owabhubhisa eJerusalema ababiza leli gama, futhi uze lapha ngale njongo, ukuze abayise kubapristi abakhulu beboshiwe?


Kwathi seziphelile izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale;


Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu.


Kodwa uNkulunkulu ukhethile izinto zobuthutha zomhlaba ukuze ajabhise ezihlakaniphileyo; futhi uNkulunkulu ukhethile izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ajabhise izinto ezinamandla;


Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uPetru, ngahlala naye izinsuku eziyishumi nanhlanu.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan