Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IzEnzo 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

11 Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IzEnzo 13:11
18 Iomraidhean Croise  

Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango.


Inkosi yase-Aramu yasilwa no-Israyeli, yacebisana nezinceku zayo, yathi: “Ikamu lami liyakuba kuleyo ndawo.”


Ngihawukele, ngihawukele, bangane bami! ngoba isandla sikaNkulunkulu singithintile.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela.


Ngokuba imicibisholo yakho inginamathele, isandla sakho siyangilimaza.


Bhekani, isandla sikaJehova siphezu kwezinkomo zenu ezisendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu; kuyoba khona isifo esiwumshayabhuqe esinzima kakhulu.


Ngokuba uJehova uthululele phezu kwakho umoya wobuthongo obunzima, wavala amehlo akho; Wasibekela abaprofethi nabaholi benu, ababoni.


UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.


U-Ananiya wayesehamba, wangena endlini; ebeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu mzalwane, iNkosi ingithumile uJesu, owabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ukuba ubuye ubuye ubuye ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.


Basebethuma, babutha zonke iziphathamandla zamaFilisti, bathi: Thumani umphongolo kaNkulunkulu kaIsrayeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina labantu bakithi; ngoba kwakukhona incithakalo ebulalayo kuwo wonke umuzi; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu lapho.


Kwathi sebewuzuzile, isandla sikaJehova saba phezu komuzi ngokuchitha okukhulu kakhulu; izingxenye.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan