IsiLilo 1:14 - Contemporary Zulu Bible 202414 Ijoka leziphambeko zami liboshwe ngesandla sakhe; Uwisile amandla ami, uJehova unginikele esandleni sabo, engingenakusukuma kubo. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE14 “Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba yijoka; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami. INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo. Faic an caibideilIsiZulu 202014 “Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni ngesandla sakhe, waziphica ndawonye wazibeka entanyeni yami; wanqinda namandla ami. USimakade unginikele ezandleni zalabo engingakwazi ukumelana nabo. Faic an caibideil |
Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.