Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

1 Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 5:1
16 Iomraidhean Croise  

Umbono wakho wonke waba kini njengamazwi encwadi enamathelisiwe, umuntu ayinikela esazini, ethi: “Funda lokhu; wathi: “Angikwazi; ngoba livaliwe.


Funani incwadi kaJehova, nifunde; ngokuba umlomo wami uyakuyala, nomoya wakhe ukubuthile.


Bopha ubufakazi, vala umthetho phakathi kwabafundi bami.


Umbono wokuhlwa nokusa okukhulunyiweyo uqinisile; ngoba kuzakuba yinsuku ezinengi.


Ngase ngiphenduka, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umqulu ondizayo.


Esandleni sayo yayiphethe incwadi encane evuliwe, yabeka unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolunye unyawo lwayo lwesobunxele emhlabeni.


Ohleziyo wayebonakala enjengetshe lejaspi nesardiyu, kunothingo uhaqe isihlalo sobukhosi, ufana nesimaragidu ngokubonakala.


Futhi lapho lezo zilwane zinika inkazimulo nodumo nokubonga kuye ohlezi esihlalweni sobukhosi, ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. Ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade.


Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!


bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu.


Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan