Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 18:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

14 “Izithelo ezazinxanelwa wumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke ukutamasa nobukhazikhazi kushabalele kuwe, akusayukuphinde kutholakale kuwe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 18:14
12 Iomraidhean Croise  

Kodwa okufiswa kakhulu enkangala bamlinga uNkulunkulu enkangala.


Basebecela kuNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla kwenkanuko yabo.


Wabiza leyondawo ngokuthi iKibrothathava, ngokuba bambela khona izinkanuko.


Isixuku esasiphakathi kwabo salamba, nabantwana bakwa-Israyeli baphinda bakhala, bathi: “Ngubani ozosinika inyama ukuba sidle na?”


Kodwa laphumela ukuyabonani? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? bhekani, abembethe ezintofontofo basezindlini zamakhosi.


Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;


Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;


Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.


Niyafisa, ningabi nalutho;


nesinamoni, nempepho, namafutha okugcoba, nenhlaka, newayini, namafutha, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezinceku, nemiphefumulo yabantu.


Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila;


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan